Uhlelo lokuthuthukisa amabhizinisi okunikeza abamnyama(BBSDP), luyisikimu sokwabelana ngezindleko ngezinga lika-80:20%, kanti lusekela amabhizinisi abanikazi bawo okungabantu abamnyama eNingizimu Afrika. Lesi sikimu sinikeza lawo mafemu indlela yokufinyelela kumasevisi okuthuthukisa amabhizinisi, ukuze athuthukise amakhono awo, athuthukise nekhono lezobu menenja kanye nokuhlela kabusha ukuze bakwazi ukuqhudelana kakhulu.
Izimboni eziningi zabanikazi abangabantu abamnyama (ngezabelo zenani lika-50+1), kanti futhi anomeninjela abaningi babantu abaMnyama.
Amafemu nezinkampani zingathola usizo, lwesabelo ye-BBSDP efinyelela ku-R12 kuzigidi ngonyaka.
Umbandela obaluleke kakhulu welungelo lokuthola usizo, wukuthi imboni eyinkampani kumele kube isisebenze okungenani unyaka yenza uhwebo.
Uhlelo lwe-BBSDP lunenhloso yokukhulisa amabhizinisi abanikazi bawo okungabantu abamnyama ngokuxhumanisa namabhizinisi amancane ama-SMME abamnyama, kanye nokuwahlanganisa nama-corporate kanye nomkhakha wezamabhizinisi kahulumeni.
Uhlelo lwe-BBSDP lusebenzisana nokuxhumanisana nohlelo lokunikezwa kwamathenda kubantu ababencishwe amathuba esikhathini esedlule, kanye nokunikezwa kwamathuba amabhizinisi ngaphandle (outsourcing), okwenziwa zinkampani ezinkulu ezibumbene kanye nomkhakha wamabhizinisi kahulumeni.
Kunenhloso yokuthi izimboni zithola izabelo kumele ahoxise ukuthola amathenda ezinkampanini ezinkulu kanye nakumabhizinisi kahulumeni kanye namathuba okuthumela imisebenzi ukwenziwa ngaphandle.
Izinga eliphezulu legranti elingatholwa yimboni ngayinye, lifinyelela ku-R100 000 (amarandi angamakhulu ayishumi lenkulungwane).
Inkampani eyodwa ingavunyelwa ukwenza izicelo kumaprojekthi ahlukene, kodwa uma inani lesabelo lingeke libe ngaphezulu kwe-R100 000.
Zonke izindleko zokuthuthukisa izinsizakalo zebhizinisi ezibandakanya ukuhamba kanye nezinye izindleko zokuphila ziyobonelelwa ngokwabelana ngezindleko.
Izindleko zokushicilela okokwenza kanye nokulula kwekhomyutha, ezibandakanya ukuqala ukusebenza kweprojekthi, nazo ziyobonelelwa, inqaba nje uma zingeqi kunani lamaphesenti angama-50 ezindleko eziphelele zeprojekthi.
Amafemu azozikhethela indlela azosebenzisa ngayo abanikezi bezinsizakalo, ngokulandela umbandela wokuthi okungenani amathathu akhona atholakale ekukhethweni kwalabo abafakele amathenda.
Ngamaprojekthi anenhloso yokukhuthaza ukuthuthukiswa kwezinqubo zobumininjela ezisebenza ngendlela enomphumela obambekayo, isibonelo, kumkhakha wendawo ebanzi kanye nokuhlelwa komkhiqizo (production planning) ngokuhambisana nenqubo ye-ISO 9000 ne-ISO 14000, kanye nokwenza izinhlelo zebhizinisi esikhathi eside, nokunye. Ukusekelwa ngesabelo sokwabelana ngezindleko kuzothokalala lapho kudingeka khona okulula kwekhompyutha kanye namamanyule noma izincwajana ezisekela inqubo yeqophelo nesebenza kahle kakhulu kwezenqubo yabaphathi.
Amaprojekthi anenhloso yokuthuthukisa ikhono leqembu labaphathi lenkampani ngezinhlelo zoqeqesho kumikhakha ehlukene, isibonelo, uhlelo loqeqesho nentuthuko kumkhakha ophezulu wabaphathi, kuzinhlelo zabaphathi noma ukuphathwa kwezimali, amasemina okulungiselela ukuthola amathenda ezinkampanini zikahulumeni kanye nasezinkampanini ezibumbene, nokunye.
Amaprojekthi anenhloso yokusiza ifemu ukuthi ingene emkhakheni othize wezimakethe, isibonelo, ucwaningo lwezimakethe kanye nokuthuthukiswa kwezinhlelo zokumaketha, izifanekiso, kanye nokuthuthukiswa kokokwenza kokumaketha, isibonelo, amadizayini amawebhusayidi, nokunye. Izabelo zokwabelana ngezindleko zomkhawulo othize ayonikezelwa ukusiza ekushicilelweni kwezincwajana zolwazi lwamabhrosha kanye nezinye izinto zokwenza ukuze kusetshenzwe ngokulandela izinhlelo zokuthengisa.
